Nakuru - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda yaseKikopey eNakuru county ngemuva kokokhela unkosikazi wakhe ozithwele ngomlilo.
Le ndoda iboshwe ngamaphoyisa aseKenya.
UNjoki Ndung'u, 22, wakhishwa ngomakhelwane endlini eyayisha base bemphuthumisa esibhedlela, iSt Mary's mission, kubika iNTV.
OLUNYE UDABA: Ithungelwe ngomlilo ebanjwe nezikhukhukazi ezebiwe
"Umyeni wakhe waqala washisa umantrasi ngapndle komuzi kwathi uma omakhelwane bebuza ukuthi uwushiseklani waphendula ngokuthi ushosa izimbungulu," kusho omunye womakhelwane oqhube ngokuthi lezi zithandani zazi hlezi zixabana.
UNdung'u ekhuluma esibhedlela uthe umnyeni wakhe waqala umlilo kwelinye lamagumbi endlu wase esha ngesikhathi ezama ukuphuma emlilweni.
"Ngesikhathi ngizama ukuphuma ngathungeleka ngomlilo. Umnyango wakhiyekla ngase ngiwa phansi," usho njalo ekhihla isililo.
Kusolwa ukuthi uJohn Wachira, 30, wayecasulwe ngunkosikazi wakhe owayembelesele ngezinto ezingatheni endlini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter