Share

Ubulale ababili umgembuli ocikwe ukuthi udliwe

Nairobi – Umgembuli waseKenya uhoshe inkemba wabulala ngayo izimenenja ezimbili zase-casino ngemuva kokudliwa yonke imali abebheje ngayo.

Le ndoda yenze lokhu ngaphambi kokukhandwa ngamatshe ngumphakathi yashona, kusho amaphoyisa.

Le ndoda edabuka eTanzania ivuke umbhejazane ngemuva kokudliwa u-$300 e-casino ese-Eastleigh ngoLwesibili ezintatha, yase ihlasela imenenja enqabile ukuyiboleka imali ukuze iqhubeke idlale.

Kuthiwa le ndoda ibe isihamba, yabuya isiphethe inkemba.

OLUNYE UDABA: Indoda igwaze isigebengu ngenkemba izivikela

"Umufi uqale wagadla emenenjeni yesifazane enqabile ukumboleka imali wase edlulela kwenye,” kusho okhulumela amaphoyisa aseNairobi, uJapheth Koome.

Kulimale omunye unogada kulesi sigameko.

Abanye abagembuli bakwazile ukukhiphela le ndoda ngaphandle base beyikhanda ngamatshe yaze yashona.

"Amaphoyisa afike le ndoda isishonile,” kusho uKoome.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 416 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 872 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE