Bulawayo - Indoda yaseWaterfalls eHarare iwotawote amabele kadadewabo yathi akekho ongayivimba.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba uRobson Mussa eye endlini ngezithuba zabo-03:00 ekuseni ecwile ezinkmabini zikaFaro ngomhlaka-6 Febhuwari evusa bonke abantu abaqashe egcekeni ethi mabakhokhe imali yerenti.
Abaqashile bathembisa ukuyikhokha ngakusasa imali yerenti.
OLUNYE UDABA:Ivelile eyawotawota ingane amabele nezinqa
Udadewabo kaMussa wavuka wazama ukwehlisa umfowabo owayephuzile umoya kodwa wavele wamjoja amabele.
Kuthiwa wazama ukutshela uMussa ukuba ayeke akwenzayo njengoba ayemthinta amabele.
Kusolwa ukuthi uMussa waqhubeka wamuwotawota amabele wathi akekho ozomvimba kwakwenzayo, wasola udadewabo ngokugxambukela ezindabeni zakhe.
Udadewabo kaMussa wabikela amaphoyisa ngomfowabo wase eboshwa.
UMussa uvele ngaphambi kwenkantolo waziphika izinsolo.
Icala libe selihlelela umhlaka-17 Febhuwari kanti uMussa ugcinwe esitokisini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter