Lilongwe - Igwetshwe iminyaka emibili ibhadle ejele indoda yaseMalawe ngemuva kokuhlasela unkosikazi wayo ngocelemba.
Iphephandaba iNyasa Times libike ukuthi uBlessing Tembo, 22, ugwaze unkosikazi wakhe u-Alinafe Yokoniya, 19, ngemuva kokuba enqabe ukuzibandakanya naye ocansini.
OLUNYE UDABA: Owashisa umuzi kanina usesolwa ngokumbulala
Kusolwa ukuthi uTembo wagwaza unkosikazi wakhe ekhanda ngemuva kokuba emtshele ukuthi ukhathele ube nosuku olude emsebenzini.
"Utembo ube esegcwala inkalo ngemuva kokumgwaza unkosikazi wakhe. UYokoniya waphuthunyiswa esibhedlela lapho athola usizo khona ngomhlaka-27 Januwari," kusho okhulumela amaphoyisa aseKanengo u-Esther Mkwanda.
Icala liqulwe eNkntolo yeMantshi yaseMkukula eDowa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho