Bulawayo - Owesilisa, 65, waseMudzi, eZimbabwe, kubikwa ukuthi yena nomshana wakhe bashintshisana ngentombi kamshana beyidlwengula.
Kuthiwa lokhu kungemuva kokuthi bathaka isiphuzo sayo ngophuzo oludakayo, kubika iBulawayo24.
Umalume nomshana, 18, babe sebegwetshwa iminyaka engu-18 betholoza endlini emnyama.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesifazane owadlwengula umfana e-KZN
Laba bobabili baliphikile icala lokudlwengula.
Umalume ukhale ngokuthi intombi imqambela amanga.
Waqhuba ngokuthi le ntombazane yake yacela ukuthi ayenze unkosikazi, nokho inkantolo yakuchitha lokho.