Bulawayo - Ilivumile icala lokubulala ngokungenhloso indoda yaseHarare eyashayisa yabulala ingane ngesikhathi ishayela itekisi ingenazo izincwadi zokushayela.
UTafadzwa Mazorodze oneminyaka engu-35 ubudala uvele enkantolo ngoLwesihlanu.
Inkantolo ilalele ukuthi ngomhlaka-27 Septhemba uMazorodze wayeshayela imoto yohlobo lweToyota Hiace eKuwadzana 7 ngesikhathi ehluleka ukuvika ingane emgwaqeni.
OLUNYE UDABA: Uthi wayengenayo intombi owalala nembongolo
Ingane yalimala ekhanda yaphuthunyiswa esibhedlela kodwa yashonela esibhedlela ngosuku olulandelayo.
NgokweBulawayo24 icala lihlehliselwe ukuba uMazorodza ezolalela isigwebo sakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter