Johannesburg - Umholi weqembu eliphikisayo iZimbabwe People Front, u-Owen Kuchata, okuthiwa wazama ukuqhumisa ngebhomu ipulazi likaMengameli Robert Mugabe ngenyanga edlule, usegcine elivumile icala, kanti kulindeleke ukuba agwetshwe namhlanje ngoLwesibili.
Iphephandaba iThe Herald lidalule ukuthi uKuchata, 34, uguqukile emazwini akhe okuliphika icala ngoLwesihlanu.
UKuchata, noma kunjalo, uliphikile icala lobushokobezi, wathi ipulazi i-Alpha Omega eliseMazoe akulona elikahulumeni, kodwa ngelikamengameli.
Funda nalolu daba: Ubulale ababili ocikwe ukuthi udliwe egembula
Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, uKuchata uthe ukucekelaphansi indawo kaMugabe kuyinto efanele.
"Besifuna ukucekelaphansi impahla kaMugabe ngoba uRobert Mugabe udala izinkinga ezweni,” kucashunwa uKuchata.
Ngokwemibiko, ngenyana edlule abalisa abane, okubalwa kubona namasosha amabili, bahlela ukuqhumisa amabhomu kaphethiloli epulazini eliseMazoe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.