Share

Umdlwenguli uthi uzosishada isisulu

Bulawayo - Igixabezwe ngeminyaka engu-18 ibhadle ejele indoda eneminyaka engu-33 ubudala yaseBuhera eTangwena ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-22 ubudala ogula ngokwengqondo.

UKudakwashe Bhiza watholwa enecala enkantolo yaseRusape kanti walengiselwa iminyaka emithathi ngaphansi komgomo wokuziphatha kahle.

UBhiza ulivumile icala lokudlwengula waze watshela inkantolo ukuthi uzimisele ngokusishada isisulu.

OLUNYE UDABA:Kuqulwa icala lomkhulu owayencenga umzukulu ngocansi

Umshushisi uTafara Chawatama utshele inkantolo ukuthi uBhiza washela lo wesifazane kwathi ngemuva kwalkho wamdlwengua.

Ngokomthetho umuntu ogula ngokwengqondo akakwazi ukuzibandakanya ocansini ngemvume yakhe.

"Ngomhlaka 15 Julayi ngezithuba zabo-09:00 umsolwa wayedayisa wafica isisulu sihlezi sdwa kubo. UBhiza waseshela saqoma. Ngemuva kwalokho uBhiza wahamba waphinde wabuya  ngezithuba zabo-15:00 wacela ukuba isisulu simphelezele kuyiwa emfuleni iMvurachena savuma isisulu kwahanjwa.

"Ngesikhathi sekufikwa emfuleni uBhiza wadlwengula isisulu. Lolu daba lwabikwa ngemuva kokuba isihlobo sesisulu sizwe ngodaba. Kwabikelwa amaphoyisa wase eboshwa uBhiza."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1080 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1149 votes
Vote
Rand - Dollar
19.22
-0.0%
Rand - Pound
23.97
-0.1%
Rand - Euro
20.58
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.51
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
911.90
-0.0%
Palladium
1,000.00
-0.5%
Gold
2,317.46
+0.1%
Silver
27.14
-0.1%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,574
0.0%
All Share
74,514
0.0%
Resource 10
60,444
0.0%
Industrial 25
104,013
0.0%
Financial 15
15,837
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE