Bulawayo - Igixabezwe ngeminyaka engu-18 ibhadle ejele indoda eneminyaka engu-33 ubudala yaseBuhera eTangwena ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-22 ubudala ogula ngokwengqondo.
UKudakwashe Bhiza watholwa enecala enkantolo yaseRusape kanti walengiselwa iminyaka emithathi ngaphansi komgomo wokuziphatha kahle.
UBhiza ulivumile icala lokudlwengula waze watshela inkantolo ukuthi uzimisele ngokusishada isisulu.
OLUNYE UDABA:Kuqulwa icala lomkhulu owayencenga umzukulu ngocansi
Umshushisi uTafara Chawatama utshele inkantolo ukuthi uBhiza washela lo wesifazane kwathi ngemuva kwalkho wamdlwengua.
Ngokomthetho umuntu ogula ngokwengqondo akakwazi ukuzibandakanya ocansini ngemvume yakhe.
"Ngomhlaka 15 Julayi ngezithuba zabo-09:00 umsolwa wayedayisa wafica isisulu sihlezi sdwa kubo. UBhiza waseshela saqoma. Ngemuva kwalokho uBhiza wahamba waphinde wabuya ngezithuba zabo-15:00 wacela ukuba isisulu simphelezele kuyiwa emfuleni iMvurachena savuma isisulu kwahanjwa.
"Ngesikhathi sekufikwa emfuleni uBhiza wadlwengula isisulu. Lolu daba lwabikwa ngemuva kokuba isihlobo sesisulu sizwe ngodaba. Kwabikelwa amaphoyisa wase eboshwa uBhiza."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter