Pretoria – Esejele, umholi weqembu eliphikisayo eZambia, uHakainde Hichilema, ubonge umholi weDemocratic Alliance, uMmusi Maimane, ngokumeseka.
Lokhu kungemuva kokuba uMaimane enqatshelwe ukuba angene eZambia ngoLwesine ngoba kusolwa ukuthi uzohlanganisa amaqembu aphikisayo ezweni ukuba afakele ingcindezi izinkantolo ukuba zidedele uHichilema.
OLUNYE UDABA: Kukhishwe 8 wezidumbu emayini edilikile
"Sitshelwe yithimba lethu ngokwenzekile eKenneth Kaunda International Airport (KKIA) (ngoLwesine ebusuku). Lapho umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane enqatshelwe ukuba angene eZambia," kusho uHichilema esitatimendeni.
"Kungabuye kwenzeke kuphi lokhu ngaphandle kwaseNorth Korea? Ukube uma bebekhona abantu baseZambia ebebengabaza izinhloso zikahulumeni wePF, lesi senzo kumele siqede konke ukungabza.”