Harare - Inkantolo iphenduke umcimbi wamahlaya ngesikhathi owesifazane waseLusaka 'obulawa yindlala' yocansi, echaza ngokuzishutheka izinto enkomeni uma eselangazelele ucansi ngenhloso yokuzigculisa.
AbeZambioa Daily Mail babike ukuthi u-Enala Lungu, 23, waseMarapodi wakhala ngokuthi usezishutheka izinto 'enkomeni' uma efuna ukuzithokozisa ngenkonzo yasekamelweni ngoba umyeni wakhe uLameck Lungu engafuni ukulwenza njengoba engamnelisi ngokugcwele.
ULungu utshele inkantolo ukuthi usezishutheka izinto 'enkomeni' ngenhloso yokuzizwisa into emnandi kulandela ukungalwenzi ucansi nomyeni wakhe unyaka nezinyanga eziyisikhombisa.
OLUNYE UDABA: Usike umkakhe isitho sangasese emsiza ebeletha
"Sengazama yonke into ukumenza alangazelele ucansi, ngigqoka izinto ezincane ekamelweni ngize ngihambe nangesidu yesele imbala kodwa engathatheki. Kunalokho ungitshela ukuthi ngikhuluphele kakhulu.
ULameck uthe umkakhe ucabanga ukuthi umshado uluswa wucansi, sengamtshela kaningi ukuthi kunzima ukuthi ngingavukelwa njengoba nginengcindezi emsebenzini kodwa akakuzwisisi lokho.
"Sengaphelelwa wuthando ngoba futhi njalo uma ngibuya emsebenzini 'induku' yami iyahlolwa, kuqinisekiswa ukuthi angilalanga nomunye umuntu wesifazane."
Inkantolo ihlulekile ukubuyisa lezi zithandani yathi uLameck akamudivose unkosikazi wakhe ngoba usephelelwe wuthando, kubika iBulawayo24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter