Johannesburg - Umlisa waseMwenezi, owabanjwa eqhoqhobele imbongolo, ushiye ebebesenkantolo bebambe ongezansi ngemuva kokuba ethe imbongolo kwakuyisona kuphela isithwandwa sakhe, njengoba ayengenayo intombi.
"Ngakhetha ukuzanelisa ngokuthi ngilale nayo ngoba anginayo intombi,” kusho uMunyaradzi Chidhani, 24.
IMantshi yaseMwenezi, uHonest Musiiwa, imthole enecala uChidhani waseMagodhonge Village ngemuva kokuba elivumile icala lokulala nembongolo.
Funda nalolu daba: Zimkhalele obulale intombi ebisanda kumqoma
Imgwebe izinyanga
ezingu-12 ebhadla ejele ngecala lakhe, yabe isisilengisa ngezinyanga ezine
iminyaka emihlanu ngombandela wokuba aziphathekahle.
IMantshi ithe ezinye izinyanga ezingu-8 kumele enze ngazo imisebenzi yomphakathi isikhathi esingamahora angu-280.
Umshushisi, uWillard Chasi, ngenyanga edlule watshela inkantolo ukuthi uChidhani wathola imbongolo imadlelweni wayithatha wayenza umkakhe, kubika iBulawayo24.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.