Bulawayo - Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, uGrace Mugabe uthi uhlela ukutholela umyeni wakhe oneminyaka engu-91 ubudala isihlalo esiyikhethelo i-wheelchair ukuze ezoqhubeka nokuphatha.
UGrace Mugabe, 50, ekhuluma eralini ngoMgqibelo utshele abalandli ukuthi uzotholela umyeni wakhe ongumengameli iwheelchair ukuze ezosisebenzisa.
OLUNYE UDABA: Ugxekiwe okamugabe ngombono wakhe ngabesifazane
Enkulumeni yakhe ufunge wagomela ukuthi uzoziqhubela umyeni wakhe mathupha esho egxeka abathi usemdala kakhulu ukuba engaba ngumholi.
UMugabe utshele abalandeli ukuthi uma nje umyeni wakhe esakwazi ukukhuluma uzokwenza isiqiniseko sokuba uyalibusa izwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter