Lagos – INkantolo eNkulu yase-Osun igwebe owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala, uKayode Idowu, isigwebo sentambo ngecala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokubulala.
IDaily Post ibika ukuthi u-Idowu nalowo ayesebenzisana naye, uFemi Adebowale, bebesolwa ngamacala amathathu okubulala nokuphanga kuhlonyiwe.
U-Idowu, kuthiwa wagqekeza kwezinye zezindlu ngo-2009 weba imali engu-N200 ehamba nomngani wakhe.
Abasolwa ngemuva kwalokho bangena kwenye indlu bathola kunomuntu phakathi bambulala.
OLUNYE UDABA: Ushonile owashaywa ngoba engabelethenga ngesikhathi
Inkantolo ithole ukuthi abashushisi bavele ubufakazi obuqanda ikhanda yingakho umsolwa enikwe isigwebo sentambo.
Umsolwa wesibili yena washona ngesikhathi kusaqhubeka ukuqulwa kwecala.