Harare - Uthisha owaxoshelwa ukuwotawota amabele omfundi owenza uGrade 7 ngesikhathi kufundwa ngamaholidi ufake uNgqongqoshe wezeMfundo uLazarus Dokora enkantolo, ephikisa ukuxoshwa kwakhe.
UNever Ncube onguthisha esikoleni iLochview eBulawayo usolwa ngokuwotawota amabele omfndi oneminyaka engu-14 ubudala ngaphambi kokuwanga ngaphandle kwemvume yakhe ngesikhathi kuqhubeka amakilasi amaholidi.
OLUNYE UDABA: Ugcinwe esitokisini owotawote udadewabo amabele
UNcube usolwa ngokuthi wabizela le ngane ekilasini lapho ayeyishaya khona phakathi kwenyanga ka-Agasti noSepthemba ngonyaka ophelile.
UNcube wayenokuyithinta izinqa uma bengekho abanye abafundi besathathe ikhefu.
Le ntombazane ithi inhloso yalo thisha kwakungukwengukwenza ucansi naye.
UNcube waxoshwa ngonyaka ophelile ngokwephula umthetho; clause 46(1) (b) of the Public Service Regulation 2000 kulandela ukuqondiswa kwezigwegwe, kubika iMyZimbabwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter