UKobus Breytenbach, onguSihlalo wekomidi lezokuphepha ku-AgriSA, ubekhuluma eGoli esigcawini seSA Human Rights Commission mayelana nokubulawa kwabalimi.
Uthe izigameko zobugebengu emapulazini zivame ukwenzeka ebusuku imindeni isiziphumulele noma isilele.
"Umphakathi kumele uwuhloniphe umthetho.
OLUNYE UDABA: Abalimi kumele bathole uxhaso - Mantashe
“Uma amaphoyisa ephoxa abalimi, lokho kudala ukuthi bancamele ukusebenzisana nonogada abazimele ngoba kwesinye isikhathi amaphoyisa afika selidume ladlula,” kusho uBreytenbach.
Uthe i-AgriSA isebenzisana eduze noMnyango wezamaPhoyisa wathi futhi ababakhuthazi abalimi ukuba basebenzise onogada abazimele.
I-AgriSA ithi ikholelwa ekutheni uhulumeni uyibeke eqhulwini indaba yokulwisana nodlame emapulazini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho