Cape Town – Abamabhizinisi amancane anokwesabela ukuthi angase aphoqeleke ukuba avale izitolo zawo aye kwezinye izindawo ngenxa yesiteleka esinodlame esiqhubekayo embonini yezinsimbi.
Bangaphezulu kuka-200 000 abasebenzi abangamalungu e-Numsa abeka phansi amathuluzi ngoJulayi 1 efuna amaholo angcono kanye nokusebenza ngaphansi kwezimo ezingcono embonini yezinsimbi.
Kodwa isiteleka sihambisana nodlame futhi sibeka engcupheni imboni yensimbi, njengoba ilahlekelwa yimali.
Sekubikwe izehlakalo eziningi zodlame lwabasebenzi abatelekile, abasabisa abanye abasebnzi abangatelekile baphinde bacekele phansi impahla
Several complaints have been reported that.
Umnikazi wenkampani yensimbi, iSebenza, ubhalele iFin24 ethi abanye abasebenzi bathi abatelekile kodwa bayesaba ukuza emsebenzini.
Okwamanje usafuna ukwazi ukuthi ngabe abasebenzi bangakwazi yini ukumangalela i-Numsa ngokungaholi kanjalo nenkampani ngokungenzi inzuzo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).