Johannesburg – Abantu baseNingizimu Afrika akumele bathenge izimpahla ezebiwe, akumele bagwazele futhi akumele bathathe izinto okungezona ezabo, kusho iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesihlanu.
Ukhulume kanje ngesikhathi ehambele ingqungquthela yesifundazwe saseGauteng, iSocial Cohesion Summit ebibanjelwe eKurhuleni.
"Uma sifuna ukuqeda ubugebengu emiphakathini, imiphakathi kumele ilwisane kakhulu nabo kanye nenkohlakalo. Akumele senze amakhaya ethu izidleke zokufuya imigulukudu,” kusho uRamaphosa.
Unxuse iGauteng, njengesifundazwe esikhulu esinabantu abavela kwezinye izindawo, ukuba sihambe phambili ekulwisaneni nokucwaswa kwabokufika.
URamaphosa uthe eNingizimu Afrika kugqama nsuku zonke ukuthi abantu babulawa ububha, kukhona ukungalingani futhi nemisebenzi ayikho.
Uphinde wathi uhulumeni ngeke akwazi ukubeka iNingizimu Afrika kwelinye izinga eliphezulu ebe esebenza yedwa, kudingeka asebenzisane nemiphakathi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.