Johannesburg – Izwe laseNingizimu Afrika libhekene nenkinga yokuhlinzeka ngogesi kanti futhi udaba likagesi wenuzi alithathwa kancane, ngokusho kwe-ANC.
NgeSonto okhulumela i-ANC uZizi Kodwa ugxeke imibiko yabezindaba ethi uMengameli uJacob Zuma wahlela ukwenziwa kwesivumelwane senuzi esingabiza u-R1 trillion nezwe laseRussia.
"Uma kukhona okusolisayo ngohlelo; akusho ukuthi kumele sikhohlwe ukuthi izwe libhekene nezinkinga zikagesi,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Kunabantu abangasifiseli okuhle.
UZuma wenza lokhu akumemezela ngaphambi kokhetho, kusho uKodwa.
"Sibhekene nenkinga kagesi...Uma sesibeka izinhlelo zokulungisa isimo, abantu bayagxeka.
"Abantu abanandaba nokwakhiwa kwekusasa lezwe kodwa abakwenzayo nje ukuhlala begxeka,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.