Johannesburg - Balinganiselwa ku-1 700 abasebenzi abanqabile ukuphuma emayini yegolide iHarmony Gold eKusasalethu babuyela emgodini ngoLwesihlanu ekuseni, kusho inkampani esitatimendeni.
Abavukuzi yilabo abangena emini kanti baholwa yi-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu), kusho iHarmony.
Izimfuno zabasebenzi zihlanganisa ukubuyiselwa kozakwabo abangu-578, kuhlanganisa nabetoho, abamisiwe emsebenzini ngoLwesithathu.
"Ezokuphepha ziseqhulwini kithina ngakho sizoqinisekisa ukuthi abasebenzi babuyela emgodini ngokuphepha,” kusho isikhulu esiphezulu seHarmony uTom Smith esitatimendeni.
Izingxoxo zabaphathi ne-Amcu ziyaqhubeka.
Kulimale abasebenzi abayishumi ngoLwesine ngesikhathu behilizisana nonogada kanye namaphoyisa khona emayini.
Ababili bahilwe usisi olukhalisa unyembezi kwathi abanye abayisishiyagalombili badutshulwa ngezinhlavu zenjoloba bedutshulwa ngonogana.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA