"Abasebenza emakhishini kumele baholelwe okungenani imali eqala ku-R3 000 ngenyanga ngenxa yokuthi iningi labo bangabazali abakhulisa izingane ngabodwana,” kusho uMpho Maine etshela ikomidi ngesikhathi kulalelwe izimvo zomphakathi eRustenburg.
UMaine uthe u-R3 000 uzokwazi ukuthi usize izisebenzi ukuba zinakekele imindeni yazo ziphinde zikwazi nokuba nemali yokugibela.
OLUNYE UDABA: UMnyango uzobhekelela amalungelo abasebenzi
Uqhube ngokuthi abanye bala bantu basaholelwa imali eqala ku-R600 ngenyanga.
IDomestic Sectoral Determination, nokuyiyona elawula amaholo abasemakhishini, ithi kumele izisebenzi ezisebenza emadolobheni afana noRustenburg ziholelwe imali eqala ku-R1 800.
Ukulalelwa kwezimvo zomphakathi kulindeleke ukuba kuqhubekele eGoli naseBloemfontein kuleli sonto.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter