Johannesburg – Abashayeli bezimoto bangalindela okunye futhi ukwehla kwamanani kaphethiloli ekupheleni kwenyanga, kusho i-Automobile Association (AA) ngoLwesithathu.
I-AA ibiphawula ngezibalo zakamuva zeCentral Energy Fund, ezikhombise ukwehla kwamanani kaphethiloli.
“Ukwehla kwamanani kaphethiloli okwamanje kukhomba ukuthi kungase kube phakathi kuka-40 cents no-44c ilitha, kanti akadizili akhomba ukuthi uzokwehla cishe ngo-56c ilitha,” kusho i-AA.
“Upharafini wona kulindeleke wehle ngo-49c ilitha.”
Funda nalolu daba: Bayanda abakhwabanisela i-RAF.
I-AA ithi irandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika likhombisa ukusimama kanti lokhi kuyisizile iNingizimu Afrika ngo-Okthoba njengoba ngesikhathi esifanayo amanani kawoyela emhlabeni nawo ekhombise ukwehla.
“Njengoba kusondele uDisemba, kubukeka sengathi abashayeli
bezimoto abazobe behamba beya emaholidini bazokhokha kancane kunalokho abebekulindele,”
kusho i-AA.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.