Johannesburg - Ukulungisa isimo somnotho weNingizimu Afrika kufakwe nabamnyama phakathi kumele kuqalwe kugqugqguzelwe futhi kufundiswe izingane iMaths nesayensi, kusho isikhulu esiphezulu enkampaniani i-Investec uStephen Kosseff etshela abeBlack Management
Forum.
"Kunegebe elikhuliu lokushoda kwamakhono kwezesayenzi. Uma ingalungiswa le nkinga, izwe lizobhekana nengqinamba ngesikhathi esizayo," kuchaza uKoseff.
"Kuzothatha isikhathi ukuthi kuvalwe igebe elikhona emphakathini wakithi kodwa inhloso esinayo eyokuthi sikhulise amakhono."
Ukuphatha amabhizinisi afana namabhange kanjalo nezikhungo zemali akulula, kumele kutholakale uxhaso, echaza.
"Ngingomunye wabaxhasi be-Investec, kodwa nginamasheya kuphela angu-0.8%. Ingxenye enkulu yamasheya iphethwe ngabantu basemazweni angaphandle nezinkamapani zangaphandle."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24