Johannesburg - Mancane amathuba okuba kungenelwe ohlelweni lokucima ugesi kuleli sonto njengoba ungekho kakhulu ngaphansi kwengcindezi, kusho inkampani kagesi u-Eskom ngoMsombuluko.
"Okwamanje ikhona ingcindezi kodwa akukubi kakhulu. Singasho nje ukuthi angu-50/50 amathuba okuba ungaphela ugesi,” kusho okhulumela inkampani uKhulu Phasiwe.
Funda nalolu daba: Angiyi emhlanganweni weCosatu - Vavi.