Johannesburg – Uhlelo lwama-e-toll emigwaqeni emikhulu yaseGauteng alusebenzi futhi alukwenzi lokho elenzelwa khona, kusho i-Urban Tolling Alliance (Outa) ngoLwesbili.
"Uhlelo alukwenzi okumele likwenze njengokuba lwenziwa,” kusho uSihlalo we-Outa uWayne Duvenage etshela isigcawu esihleli eMidrand, njengona kudingidwa ngomthelela wama-e-toll.
"Asisho ukuthi ngeke lusebenze lolu hlelo, alusebenzi,” usho kanje.
Belunesidingo uhlelo iGauteng Freeway Improvement Project (GFIP), kodwa izinto bekumele zenziwe ngenye indlela ukunciphisa isiminyaminyama emigwaqeni
UDuvenage uthe akuzange kwenziwe ucwaningo olunzulu ngalolu hlelo.
Uhlelo lwama-e-toll lwaqala ukusebenza ngoDisemba kanti uDuvenage uthi kuyacaca namanje ukuthi umphakathi usazoqhubeka nokulushaya indiva, ungakhokhi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.