Umqashi unyuse isiphakamiso sakhe saba ku-10%, ohambisana neminye imihlomulo ehlanganisa i-13th cheque, wathi kuyothi kushaya unyaka ka-2017, abasebenzi bobe ebehola imali engu-R12 500.
Izinkampani ekume kuzo umsebenzi yi-American Platinum, Impala Platinum kanjalo neLonmin.
Abasebenzi babeka phansi amathuluzi ngenyanga kaJanuwari, bethi bafuna ukuholelwa u-R12 500 ngenyanga.
Ngonyaka ka-2012 kwaba nesiteleka esifanayo emayini iLonmin, eMarikana, kwagcina kuphuma izidumbu zabavukuzi abaningi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
–Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).