Cape Town – Amehlo athe njo kuNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika
uNhlanhla Nene njengoba ezokwethula inkulumo yesabelo mali yaphakathi
nonyaka.
UNene uzokwethula le nkulumo
ngoLwesithathu kanti kulindeleke ukuthi aqinise isandla ezinkampanini
ezingaphansi kukahulumeni nakulabo abasebenzela umphakathi.
Ngokombiko we-Fin24
oSomnotho u-Annabel Bishop noMike Schussler bayavumelana ngokuthi uNene
uzonswiya ngasezimalini njengoba isimo somnotho emhlabeni singenzi kahle.
OLUNYE UDABA: Udaba lwemisebenzi luseyinkinga kuleli: Nene
USchussler uthe lokhu kuzochaza ukuthi uuNgqongqoshe uzoqinisa isandla
ikakhulukazi njengoba kuzoba kuyinkulumo yakhe yokuqala njengoNgqongqoshe
weziMali futhi usazama ukuzakhela igama kwabanye osopolotiki.
Kuzokhumbuleka
ukuthi izinkampani ezingaphansi kukahulumeni zibheke nezinkinga zemali njengoba
iSouth African Airways, Eskom noTelkom isimo singesihle kahle.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho