Johannesburg - Abantu baseNingizimu Afrika kungase kudingeke ukuthi bangene bajule ephaketheni ngonyaka ozayo uma bethenga ukudla uma siqhubeka nokudlanga isomiso.
UChristo Joubert weNational Agricultural Marketing ukhiphe lesi sexwayiso ngeSonto, kulandela isimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe wezaManzi nezokuThuthwa kweNdle uNomvula Mokonyane ngesimo sesomiso esihlasele leli.
OLUNYE UDABA: Akubhekwe amanani okudla - Ikhabhinethi
“Isimo sibi kakhulu, kepha akukabi kubi kangakho. Ngokwejwayelekile sikhiqiza u-9 kuya ku-10 million wamathani ombila ngonyaka, kepha ngenxa yesomiso isivuno singase sibe sincane kakhulu, kubika The Star.
“Iznkinga ukuthi asikwazi ukuthenga umbila omhlophe kwamanye amazwe, ngoba muncane kakhulu emhlabeni jikelele. Lokho kungase kudale ukuthi enyuke amanani okudla," kusho uJoubert.
“Umbila okhona njengamanje ungasithwala kuze kushaye uJulayi wonyaka ozayo."