Cape Town – IKwaZulu-Natal ayizange inikezwe imali eningi ngesikhathi kwethulwa isabelomali ngoba nakhu uNgqongqoshe wezeziMali uNhlanhla Nene noMengameli Jacob Zuma baqhamuka khona.
Lokhu kube ngukuphawula kukaNene ngesikhathi enengxoxo ehlelwe yiNew Age, eNewlands, eKapa, ngoLwesine.
Lesi sifundazwe sithole imali enkulu kunazo zonke ezinye ngesikhathi kwethulwa isabelomali sika-2015/16 ePhalamende ngoLwesithathu.