New York- Isaqhubeka nokuqopha umlando inkampani yobuchwepheshe i-Apple
Inc njengoba ibe ngeyokuqala emhlabeni jikelele ukudayisa amaselula angu-10million
izinsuku ezintathu emazweni angu-10 nje kuphela.
Le nkampani ekhiqiza
omakhalekhukhwini bohlobo lwama-iPhones isanda kwethula ngokusemthethweni
uhlobo olusha lwalo makhalekhukhwini i-iPhone 6 ne-6 Plus.
Ngokombiko i-iPhone 6 iqale ukudayiswa
ngoLwesihlanu kanti ngempelasonto nje kuphela kudayiswe angu-10million emazweni
angu-10 kuphela.
OLUNYE UDABA: Kuqopheke umlando ngesasasa lama-iPhone 6
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokwethulwa kwalo
makhalekhukhwini ngomhlaka 12 kuSepthemba le nkampani yaqopha umlando ngesibalo
sezicela ezafakawa ngabantu befuna ukuziphathela la ma-iPhone asezingeni
eliphezulu kwazise kunohlobo lwe-iPhone 6 Plus.
Ngonyaka owedlule le nkampani
yaqopha umlando futhi ngokuthengisa kakhulu uhlobo lwayo lomakhalekhukhwini
i-iPhone 5S ne5C nazo ezadayisa kahle
kakhulu ngempelasonto yokuqala eqalile ukuthengiswa.
Kubikwa ukuthi kwamanye
amazwe lo makhalekhukhiwini i-iPhone 6 ne-iPhone 6 Plus uyoze ubonakale ngonyaka
ozayo ikakhulukazi eNingizimu Afrika.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho