"Angicabangi ukuthi abantu baseGauteng bazicelile lezi zaphulelo okukhulunywa ngazo,” kusho uSihlalo u-Ali Gule esigcawini sokulalelwa kwezimvo zomphakathi mayelana nalolu daba, eMidrand.
"Kade sasho ukuthi asifune ma-etoll kanye nezaphulelo zakhona.”
Lezi zigcawu zenzelwe ukuthi kutholakale ukuthi ibathinta kanjani abantu indaba yomklamo iGauteng Freeway Improvement Project (GFIP).
Abasingethe lezi zigcawu kulindeleke ukuthi bethule izincomo kuNdunankulu uDavid Makhura ngoNovemba.
UGule uthe akusizi ukucabangela abashayeli ngezaphulelo ngoba kwasekuqaleni benzelwa into abangazange bayicele.
Uthe uma ama-etoll eqhubeka, kuzosokola kakhulu abathengi, ngisho nalabo abazobe bengayisebenzisi le migwaqo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho