Johannesburg - Amatekisi awanaso isizathu sokuthi adube uhlelo lwama-etoll ngenxa yokuthi izithuthi zomphakathi vele azithinteki kulolu guquko, kusho iSA National Taxi Council (Santaco).
"ISantaco ithanda ukuziqhelelanisa nezitatimende ekuthiwa zenziwe yinhlangano ukuba kudutshwe ama-etoll. Sithanda ukucacisa ukuthi lezo zitatimende zingamanga," kusho le nhlangano esitatimendeni.
ISantaco ibiphendula isitatimende esenziwe yi-Opposition to Urban Tolling Alliance (Outa) kwabezindaba ishayela iSantaco izandla ngokunquma ukuduba ama-etoll.
Umengameli weSantaco uPhilip Taaibosch uthe: "Siyaziqhelelanisa namanga aqanjwe ngegama lethu, nokuyimisebenzi yalabo abafuna ukulwa izimpi zabo ngegama lethu."
Amatekisi angabhaliswa ukuba angawakhokheli ama-etoll uma enamalayisensi asemthethweni okusebenza futhi ebhaliswe ngaphansi kweSA National Roads Agency Limited (Sanral).
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho