Share

Asikho isono uma omnyama ehola kangcono - OweSABC

Johannesburg -Asikho isono uma owesilisa omnyama ehola umholo omfanele, ngokusho kwesikhulu esiphezulu sakwaSouth African Broadcasting Corporation uHlaudi Motsoeneng ngoLwesithathu.

UMotsoeneng uthe i-SABC izimisele ngokuholela noma yisiphi isisebenzi umholo esifanele inqobo nje uma senza okubonakalayo enkampanini.

Lesi sikhulu besikhuluma nezintatheli ngemuva kokuphuma kwemibiko yokuthi umholo waso usunyuke waze wafinyelela ku-R3.7million ngonyaka.

"Noma ngabe ubani okwazi ukuletha inzuzo kwaSABC kumele aklonyeliswe ngomsebenzi wakhe, noma ngabe labo bantu basebenza ukuhlanza ngaphakathi," uMotsoeneng esho.

Kubikwa ukuthi uMotsoeneng wakhushulelwa ngesamba esikhulu semali ngesikhathi eqokwa ngokusemthethweni esikhundleni sokuba yiChief Operating Officer.

OLUNYE UDABA: ISABC iphika eyokukhokhela uMotsoeneng izindleko zasenkantolo

Umholo kaMotsoeneng uhlanganisa nebhonasi ka-R279 000 nenye engu-R916 000 yezidingo zakhe nokunye.

Kuvele ukuthi iSABC iphinde yafaka imali engango-R369 000 emalini yakhe yempesheni nakuleyo ye-madical aid.

Ngokusho kweDemocratic Alliance uMotsoeneng wakhushulelwa ngemali ecishe ifike kwisigidi samarandi esikhathi esingangonyaka.

"Inkinga engabakhona wukuthi iSABC iholela uHlaudi emali engaphezulu kwemfanele.

Kodwa kunemigudu nemithetho elandelwayo ngaphambi kokuthi umuntu ahole umholo awuholayo,"kusho uMotsoeneng enanela ngokuthi akazikhuphulelanga ngokwakhe umholo wakhe.  

Uthe nakuba umholo wakhe ungundabuzekwayo kodwa kunezinye izikhulu esihola ngaphezulu kakhulu kwakhe. 

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 2200 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
3% - 87 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
9% - 221 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.1%
Rand - Pound
23.74
-0.2%
Rand - Euro
20.33
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.28
-0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
952.70
-0.0%
Palladium
1,041.00
+0.6%
Gold
2,380.16
+0.8%
Silver
28.49
+1.0%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
66,844
-0.1%
All Share
72,907
-0.1%
Resource 10
62,973
-0.6%
Industrial 25
97,926
+0.1%
Financial 15
15,399
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE