Johannesburg - UNgqongqoshe wezoHwebo eNingizimu Afrika ngoLwesine uqinisekise abatshalizimali bangaphandle ngezinkinga ezikhungethe imboni ye-platinum njengoba izwe lizilungiselela ukuzilela abantu abangu-44 ababulawa odlameni olwaqubeka kunesiteleka sabasebenzi bemayini.
URob Davies uthe amasheya eLonmin okuyinkampani ephethe imayini eMarikana lapho okwabulawelwa khona abantu abangu-34 ababetelekile bebulawa amaphoyisa ngeledlule, ashayekile.
Uthe ukutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika akuthintekanga kangako.
Amafulegi ashoshela phansi njengoba kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo esizoba ngoLwesine ezweni lonke.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA