Johannesburg - Siphelile isiteleka ebesingavikelekile sabashayeli bamabhasi esitimela somntakabani, iGautrain, ngokusho kokhulumela iBombela Concession Company, u-Errol Braithwaite.
"Abashayeli bamabhasi eGautrain bavumile ukubuyela emsebenzini ngoLwesine," kumemezela uBraithwaite.
NgoLwesithathu, uBraithwaite uthe isiteleka sala bashayeli eGoli simise nse ukusebenza kwamabhasi eRosebank, Sandton, Midrand naseRhodesfield.
"Ngeke abe khona amabhasi kuyona yonke le mizila ngoLwesithathu," kusho uBraithwaite.UBraithwaite
ube esecela ukuthi abagibeli balandele izindaba eziphathelene neGautrain ezinkundleni zokuxhumana ukuze bathole ulwazi olufanele ngokushesha.
UBraithwaite uthe lesi siteleka asizange sikuphazamise ukusebenza kwezitimela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho