Share

Bafuna ukuqinisa umkhankaso olwisana noWoolworths

Johannesburg – Inhlangano yomphakathi ebizwa ngeBoycott, Divestment and Sanctions in South Africa (BDS SA) isimemezele ukuthi izoyiqinisa imibhikisho yayo yokulwisana nesitolo uWoolworths mayelana nokudayisa izimpahla eziqhamuka kwa-Israel. 

Ngokubikwa kwe-Fin24 izinhlangano ezahlukene sezizwakalise ukungahambisani nesenzo saleli sitolo sokuqhubeka nokuhwebelana nezinkampani zase-Israel. 

Lesi simemezelo se-BDS SA siqhamuka ngemuva kokuthi ngoMgqibelo kuphoqeleke isitolo sakwaWoolworths eRosebank eGoli sivalwe okwesikhashana ngenxa yababhikishi. 

Kuthiwa kulesi sitolo ababhikishi bagcwale ngaphandle bephethe izingqwembe eziphikisana nokuthenga kulesi sitolo ngaphansi komkhankaso #BoycottWoolworths.

Okhulumela i-BDS SA uKwara Kekana uthe bazoyiqinisa imibhikisho yayo ngoba kuyacaca ukuthi lesi sitolo asizimisele ukualela izikhalo zabo.

UKekana uthe abananxa nesitolo uWoolworths kodwa inking yabo nalesi sitolo wukuqhubeka kwaso nokuhwebelana nezinkampani zase-Israel nokuthi siqhubeke nokudayisa izimpahla eziqhamuka kuleli lizwe.

Ngempelasonto zibalelwa ku-40 izitolo zakwaWoolworth ezweni lonke ebekubhikishwa kuzona.  



   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 465 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE