Johannesburg – UNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya eNingizimu Afrika uPravin
Gordhan uthe bangaphansi kwengxenye omasipala abenza kahle kuleli.
Ngokombiko ungqongqoshe ubekhuluma ngesikhathi
kunengqungquthela yePresidential Local Government Summit eMidrand eGoli.
UGordahn uthe kunomasipala abangenzi kahle nhlobo besikuba nalabo abanamathuba
okwenza kangcono.
“Kumele siphushe
ukusebenza kulabo masipala abangenzi kahle, ngakolunye uhlangothi siphinde
siqhakambise ukuthi kule minyaka engu-14 eyedlule kukhona esikuzuzile.
OLUNYE UDABA: Omasipala neminyango bakweleta izizumbulu
Siqale
igxathu elisha ngesikhathi sisungula omasipala kuleli,” kusho ungqongqoshe.
Uthe ohulumeni basekhaya kuleli baneminyaka engu-14 kuphela.
UGordhan ungene
kulezi zicathulo ngemuva kokhetho lukazwelonke ngoMeyi.
Ngemuva kwezinyanga
ezimbili engine kulesi sikhundla uMcwaningi Mabhuku uveze imiphumela yonyaka
wezimali u2013/2014 lapho kuvele ukuthi bangu-9% kuphela omasipala abathole
imiphumela engenawo ucobho.
UMcwaningi Mabhuku uveze ukuthi omasipala bakuleli
basebenzise imali engangoR815million ezintweni ezingenasidingo nokuyisibalo
esenyukile uma uqhathanisa nonyaka owedlule.
Ngo-2016 iNingizimu Afrika
izobamba ukhetho luhulumeni basekhaya.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho