Johannesburg - Akukholakali ukuthi umuntu angaya e-Abu Dhabi esuka eNingizimu Afrika ngo-$72 (R848.63) egibele i-business class.
Lesi yisipesheli esasikhangiswe ku-internet ekupheleni kukaFebhuwari, abantu abangafunanga sibadlule.
Inkampani yamabhanoyi ngoLwesine ithe yenza iphutha ngamanani ashicilelwa, yaphinde yathi izowabuyisela amakhasimende imali athenga ngayo amathikithi.