Johannesburg - Sekuvele izindaba ezingase zijabulise abashayeli uma beyogcwalisa uphethiloli ngo-Agasti, kusho i-Automobile Association of SA (AA) ngoLwesithathu.
Ngokwezinkomba zakamuva, ongoti be-AA baveze ukuthi uphethiloli ungase wehle ngemali ephakathi kuka-47 cents kuya ku-49c ilitha.
Udizili wona ungase wehle ngo-70c, kuthi uphalafini wehle ngo-68c ilitha.
OLUNYE UDABA: Uphethiloli uzohlala enanini langeyedlule
Iphawula ngezibalo ezikhishwe yiCentral Energy Fund (CEF) kuleli sonto, i-AA ithe amanani kaphethiloli azoncika kakhulu entengweni kawoyela emazweni omhlaba.
"Amanani kawoyela atshengise ukwehla kusukela maphakathi noJulayi," kusho i-AA.
"Yize irandi belintenga uma liqhathaniswa neDollar, likwazile ukudlondlobala phakathi nenyanga."
I-AA ithe kulindeleke ukuthi imihlomulo yokwehla kwamanani kawoyela, ikapakele nakubashayeli bezimoto.