Johannesburg – Isenzo sikaMenmgameli uJacob Zuma sokusayina iLabour Relations Amendment Act ibe ngumthetho, sibe yisinyathelo esikhulu esiya phambili,” kusho i-African National Congress ngoLwesithathu.
Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa uthe umthetho uzokwenza ngcono amalungelo abasebenzi.
"I-ANC iyajabula ukuthi iLabour Relations Amendment Act izobhekana ngqo nokuxhashazwa kwabasebenzi bexhashazwa yizinkampani eziqashisa ngabasebenzi,” kusho uKodwa esitatimendeni.
"Umthetho uzoqinisekisa ukuthi abasebenzi betoho bayavikelwa futhi baphathwa ngendlela efanele ngokulinganayo nabanye abasebenzi,” usho kanje."
Khonamanjalo
neCosatu ngoLwesithathu ikwamukele ukusayinwa komthetho wezabasebenzi yathi
izobheka ukuthi uyalandelwa yini.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.