isiZulu Ama site/IZINHLELO >

I-ANC ithi akujiki lutho ngezimayini

2012-05-23 10:02
Johannesburg - UMngcinimafa we-African National Congress uMathews Phosa usephinde waqinisekisa abatshalizimali wathi iqembu alinazinhloso zokubuyisela izimayini ngaphansi kukahulumeni.

"Ngifisa ukucacisa lokhu...ngeke i-ANC ichibiyele umthetho othi izimayini azibuyele ngaphansi kukahulumeni, angeke sihambe ngalowo mgudu," kucacisa uPhosa ngesikhathi ethula inkulumo emhlanganweni ngamabhizinisi i-Progressive Business Forum (PBF), eLondon.

"Udaba ngezimayini seludonse isikhathi eside, sesilungise izingqalasizinda ngoba sifuna ukuqinisekisa abatshalizimali ukuthi sizimisele ngokuqhuba nabo ibhizinisi," kusho uPhosa.

Yize noma kube nemizamo yophiko lwentsha ye-ANC yokuthi izinkampani zibe ngaphansi kukahulumeni, iqembu lithi lokho ngeke kwenzeke.

Inyunyana iNational Union of Metalworkers of SA, nayo yafaka isiphakamiso sokuthi izimayini kanjalo namabhange konke kungene ngaphansi kukahulumeni.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)