Johannesburg – I-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) ngoLwesine ixwayise uhulumeni ngokuthi angalinge aphikise isicelo esifakelwe uNgqongqoshe wamaphoyisa eNkantolo eNkulu ngabavukuzi ababulawa eminyakeni emithathu eyedlule.
“Sifuna ukuba uhulumeni angalinge aphikise isimangalo, kodwa kunalokho asheshise akhokhele imindeni yezisulu,” kusho umengameli we-Amcu uJoseph Mathunjwa ekhuluma nezintatheli eGoli.
Funda nalolu daba: Kulindeleke ziqhubeke ezamaholo kweyegolide
Imindeni yabavukuzi abangu-34 ababulawa eLonmin, eMarikana ngo-Agasti 2012, ifuna isinxephezelo kuNgqongqoshe futhi aphinde axolise.
NgoLwesithathu, uNgqongqoshe wamaphoyisa uNathi Nhleko uthe ukholelwa ukuthi isinyathelo senkantolo sizopholisa amanxeba ngalolu daba.
- Africa News Agency
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.