Johannesburg – Inyunyana i-Association of Mining and Construction Union (Amcu) kumele isebenzise amandla ayo embonini yemayini yegolide ukugcina le mboni isebenza, kusho inyunyana iSolidarity ngoMSombuluko.
I-Amcu kudingeka ikuqonde ukuthi ukuba namandla amaningi kuhambisana nomsebenzi omningi, kusho unobhala jikelele wenyunyana uGideon du Plessis.
Unxuse i-Amcu ukuba isayine iFramework Agreement for a Sustainable Mining Industry, eyasayinwa yiSolidarity, iNational Union of Mineworkers ne-UASA ngonyaka odlule.
Funda nalolu daba: UDuarte ugxeke i-EFF ne-Amcu.
Phakathi kwezinye zezinto, isivumelwano sibophezela izinyunyana ukuba zisize ekuqedweni kodlame nokwesabisa kule mboni. Phambilini i-Amcu yanqamu ukusayina isivumelwane.
“Ukuzibophezela kwe-Amcu ngeke kuchaze nje kuphela ukuzibophezela nokusebenzisana kanye nobumbano embonini, kodwa kuzophinde kuqinisekise ukuthi nababambiqaza nabo bayazibophezela kule mboni,” kusho uDu Plessis. – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.