Share

I-Amplats izodayisa izimayini ezingasenzi kahle

Johannesbdurg - Inkampani ehamba phambili ngokukhiqiza i-platinum emhlabeni, i-Anglo American Platinum, kulindeleke ukuba idayise izimayini ezikhahlanyezwe yiziteleka kuleli njengoba eya ngokushabalala amathemba okuthi zoke ziphinde zenze inzuzo.

Lezi zinkampani zisho ukuthi ingxenye yabasebenzi izolahlekelwa yimisebenzi, lokhu kulandela ukuthi besanda ukunyuselwa amaholo ngamaphesenti angafika ku-20.

I-Amplats ithe izonaka kakhulu lezo zinkampani ezisebenza ngemishini.

Njengoba abavukuzi base bebhuqwa yindlala kulesi siteleka esadonsa izinyanga ezinhlanu, ukudayiswa kwalezi zimayini kungase kuchaze ukuthi bazophinde babhekane nobunye ubunzima.

INational Union of Mineworkers (NUM) izigxeke kakhulu izinhlelo zokudayiswa kwalezi zimayini.

"Ukudayiswa kwezimayini kuchaza ukuthi abasebenzi bazolahlekelwa amatoho. Lokhu sikubuka njengokujezisa abampofu," kusho uNobhalala Jikelele we-NUM uFrans Baleni.

I-Amplats iveze ukuthi izodayisa imayini i-Union nePandora.





 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 502 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 524 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE