London – NgoMsombuluko i-Anglo American [JSE:AGL] izodalula uhlelo lwayo lokuhlela kabusha izinkampani zayo, okuyisenzo esizokwenza kudilizwe abasebenzi kule nkampani eNingizimu Afrika, kubike iSunday Times.
Isenzo se-Anglo sizolahlekisela abantu abangu-20 000 ngemisebenzi njengoba le nkampani enkulukazio emhlabeni ifuna ukuvala ezinye zezinkampani zayo ezingenzi kahle.
Ngo-Ephreli iReuters yabika ukuthi i-Anglo ifuna ukuvala izinkampani zayo ezingenzi kahle eNingizimu Afrika.
I-Anglo, okuyinkampani engeyesihlanu ngobukhulu emhlabeni ngokungenisa imali, yadalula ukuthi izovala ezinye zezimayini zayo ze-platinum – kanti inkampani yaseNingizimu Afrika iSibanye yazwakalisa ukuba nesifiso sokuzithenga.
Umhlaziyi wezamabhizinisi watshela iReuters ngo-Ephreli ukuthi iSibanye ingase iphumele ekuzithengeni lezi zimayini ngenxa yokuthi zombili izinkampani zikhombisa isasasa futhi kungase kuvikeleke nokulahleka kwemisebenzi.
I-Anglo American ayitholakalanga ukuba iphawule.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).