Johannesburg - Inkampani ephakela leli ngogesi, i-Eskom, iyakuphika ukuthi yanikeza ithenda yamalahle engabiza u-R4-billion iTegeta Exploration and Resource, okuyinkampani yomndeni wakwaGupta, nakuba le nkampani kwavela ukuthi amalahle ayo awekho sezingeni.
ISunday Times ibike ukuthi iTegeta Exploration and Resources kusukela ngo-2011 ibilokhu izama ukuthola inkontileka kodwa yehluleka ngenxa yezinga lawo eliphansi.
Funda nalolu daba: Itholwe igcwele izimbaza imoto eyebiwe eW Cape
Okhulumela u-Eskom, uKhulu Phasiwe uthi iTegeta Exploration and Resources yalandela lonke uhlelo oludingwa yibona ukuze ibahlinzeke ngamalahle, kubika iSABC.
“Ngesikhathi sincinzwa indlebe, sitshelwa ukuthi amalahle abo awekho sezingeni elifunekayo, sabe sesiwahlola ngokwethu,” kusho uPhasiwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.