Johannesburg – Kubalulekile ukuthi imininingwane egcwele ngezindleko zomklamo wokwakhiwa kwama-Toll gates idalulwe ukuze ihlolisiswe ngabantu okulindeleke kubeyibona abakhokhayo, kusho uSihlalo we-Opposition To Urban Tolling Alliance (Outa) uWayne Duvenage.
"Sikholelwa ukuthi kubaluleke kakhulu ukuthi iminingwane egcwele yezindleko zomklamo, yimali ezokhokhwaswa abashayeli nemali okulindeleke ukuba ingeniswe yilolu hlelo kumele kuhlolisiswe ngabantu okuyibona abazokhokha, ngaphambi kokuba umklamo ugunyazwe yiziphathimandla,” kusho uDuvenage.
I-Outa ngoLwesihlanu ithe ijabule kakhulu ngokunqoba kwedolobha laseKapa okwenzeke eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Idolobha beliphikisana nesicelo seSA National Roads Agency (Sanral) sokugcina imiqulu emayelana nokwakhiwa kwama-Toll gates eWestern Cape iyimfihlo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.