"Sithanda ukuxwayisa amakhasimende ukuba aqaphele ngaso sonke isikhathi njengoba sekuqala isikhathi samaholidi.
"Abantu mabangangeni ogibeli lwezigebengu ezibathembisa imali enkulu bengenzanga lutho,” kusho isikhulu esiphezulu uKalyani Pillay esitatimendeni.
Uthe lokhu kubandakanya imiqhafazo nama-email athunyelelwa amakhasimende kuthiwa awine okuthile kumele ashayele othile ucingo.
OLUNYE UDABA: Qaphelani umkhonyovu - Sabric
Uqhube ngokuthi izigilamkhuba zibe seziyalela owinile ukuba akhokhe isamba esithile ukuze kuzodedelwa izizumbulu zakhe.
Umphakathi uphinde waxwayiswa nangomkhonyovu lapho izigebengu zifaka izicelo zempahla bese zikhokha ngamasheke angumbombayi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho