Johannesburg - Izindlela ezithathwe uhulumeni zokonga nokunciphisa ukusetshenziswa kwemali ngo-R6 billion kunyakamali esikuwona zamukelwe yinhlangano yabaqashi ngoLwesithathu.
"UNgqongqoshe uNhlanhla Nene nethimba lakhe kudingeke benze izindlela ezizosiza,” kusho uKaizer Nyatsumba, oyisikhulu esiphezulu se-Steel and Engineering Industries Federation of SA (Seifsa).
Funda nalolu daba: Ushaye emhloleni uNene - ANC.
"Osekusele nje manje ukuba kubonakale ukuthi ngempela zizosetshenziswa ngokucophelela yini izimali njengokusho kukaNgqonmgqoshe,” usho kanje.
"Ukwehluleka ukuthathela izinyathelo labo abangazilandeli izindlela zokonga kuzobe kusho ukudelela uNgqongqoshe uNene nethimba lakhe,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.