Johannesburg- UMengameli weBlack Management Forum uBonang Mohale uthe abantu
baseNingizimu Afrika kumele basebenze ngokuphindiwe uma befuna ukufezekisa
iphupho likaDkt Nelson Mandela.
Kubikwa ukuthi uMohale ubekhuluma ezindabeni
ze-SABC lapho ethe leli lizwe alikafundi lutho ezinhlelweni zokuthuthukisa
abamnyama ezikhona.
OLUNYE UDABA: 'Akusizwe osomabhizinisi baseNingizimu Afrika'
Kubikwa ukuthi le nhlangano izobamba ingqungquthela
yezinsuku ezintathu ngenhloso yokugxila ezinhlelweni zokushintsha izimpilo
zabantu abamnyama abafundile kodwa abangenawo amakhono.
UMohale uthe kubuhlungu
ukuthi iningi labantu abamnyama abaneziqu zezemfundo ezikhungweni
ezihlonishwayo kodwa bengenawo amakhono adingakalayo.
Kule ngqungquthela
kulindeleke ukuba ihanjelwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi uMildred Olifant,
uNobhalal Jikelele we-ANC uGwede Mantashe noSihlalo wakwaNedbank uReuel Khoza.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho