Johannesburg – Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, uthi uhlela inkunzimalanga kakhukhulelangoqo wesiteleka sabasebenzi ngomhlaka-7 Okthoba.
Sesibekiwe etafuleni isaziso kuNational Economic Development and Labour Council (Nedlac), kusho ibamba likaNobhala Jikelele uBheki Ntshalintshali etshela izintatheli ngoLwesine.
Lesi siteleka sizokwenzeka ngeWorld Day for Decent Work.
OLUNYE UDABA: ICosatu isabise ngokubhikishela amanani ezitimela
"Isaziso sikaSection 77 sibheke kakhulu ukulahleka kwemisebenzi, ukushoda kwezithuthi ezisezingeni, isiphakamiso sokunyuswa kwe-VAT, indaba kagesi kanye nezingqinamba esibhekene nazo kwezempilo,” esho.
ICosatu ifuna kumiswe ukudilizwa kwabasebenzi yaphakamisa ukuthi iNedlac kumele ibambe izingxoxo ukuze kutholakale izisombululo ezingcono.
Lo mfelandawonye ubukhuluma nabezindaba kulandela umhlangano wezinsuku ezimbili ophele ngoLwesine ntambama.